Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu ye-Afrika

ebook

By Hélène Loon

cover image of Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu ye-Afrika

Sign up to save your library

With an OverDrive account, you can save your favorite libraries for at-a-glance information about availability. Find out more about OverDrive accounts.

   Not today
Libby_app_icon.svg

Find this title in Libby, the library reading app by OverDrive.

app-store-button-en.svg play-store-badge-en.svg
LibbyDevices.png

Search for a digital library with this title

Title found at these libraries:

Loading...

Le ncwadi ejabulisayo, egcwele mfi yethula izingane emaqenjini ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ezitholakala eningizimu ne-Afrika: okholwase abanemilenze emide, oklebe abasheshayo, izincwincwi ezifana nejuba, izinsingizi ezinesibindi nezinye eziningi. Funda ukubona izinyoni ezihlukahlukene, futhi uthole nendlela ehlaba umxhwele eziziphatha ngayo–indlela ezithola ngayo ukudla, ezikhetha ngayo umlingani, ezakha ngayo isidleke, ezikhulisa ngayo amachwane azo nokuthi zizigwema kanjani izilwane ezizizingelayo. Isingeniso esinemininingwane sichaza okuphathelene nezinyoni okunjengokuthandana, ukufuduka, ukuhlala kwazo ngaziningi kanye nokwebuza. Kufakwe izithombe ezinhle ngokwedlulele ezingaphezu kwama-500, eziningi zichaziwe ukuze zigqamise izici nokuthile okuhlukile okuhlaba umxhwele ngazo. Kungani kufanele uyithenge: Iyisihloko sesibili kulolu chungechunge lwezincwadi, esethulwa kanyekanye nencwadi enesihloko esithi Kids' Snakes of Southern Africa. Ihlanganisa amaqembu ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ajwayelekile aseningizimu ne-Afrika futhi athathekisayo. Igcwele amaqiniso ahlaba umxhwele kanye nemibuzo yokuthi: ngabe bewazi? Izidayini, egqamile enemibala eminingi ngezithombe ezinhle kakhulu.

Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu ye-Afrika